Cape Town - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi akazi noma kumele enze izingququko yini eqenjini lakhe uma selidlala nePlatinum Stars emlenzeni wesibili weMTN8 owandulela owamanqamu ngeSonto.
Amagoli amabili kaGeorge Maluleka abeka iChiefs ethubeni elihle lokudlula kwiDikwena, ifinyelele kowamanqamu.
Selokhu kuqale isizini, uBaxter akavamile ukwenza izinguquko eqenji lakhe.
"Iyona nselelo leyo, angithi? Uyacabanga njengomqeqeshi, ucabanga ukuthi ngabe kumele yini ubaphumuze abadlali bese ucabanga nangokuthi bayawenza kodwa nalaba umsebenzi,” kusho uBaxter ngaphambi komdlalo wabo ozoba seFNB Stadium.
Iqembu likaBaxter alikaze lishaywe selokhu kuvulwe isizini ka- 2014/15.
“Ngicabanga
ukuthi abadlali basesimeni esihle manje ngokomqondo. Futhi ngicabanga ukuthi
kunzima ukuba sihlulwe,” kusho uBaxter.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.