isiZulu

Siyolwa eSao Paulo - Igesund

2012-09-03 14:03
Johannesburg - Umdlalo wokuqala kaGordon Igesund njengomqeqeshi weqembu lesizwe, usufaniswe njengombhabhadiso womlilo njengoba ezakhe zizobhekana nezinkunzi esezinqobe indebe yomhlaba kwaze kwaba kahlanu.

IBafana Bafana izogadulisa iBrazil emdlalweni wobungani ozobanjelwa eSao Paulo ngoLwesihlanu.

U-Igesund uthe akethukile nakancane njengoba ezakhe zizobe zibhekene nabadlali abaziwayo abafana noNeymar, Daniel Alves, Adriano, Thiago Silva kanye noMarcelo.

Noma abanye becabanga ukuthi amaBrazilians azozenzela nje kwelakuleli, umqeqeshi uthe abadlali bakhe kumele bakhiphe wonke amangwevu.

"Angeke kube lula, angithandabuzi ngalokho," kusho u-Igesund etshela abezindaba zebhola iKickOff.com

"Asiyi nje ukuyogcina icala. Sizokwenza konke ukuqinisekisa ukuthi umdlalo uba muhle."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)