Durban - Isekela lomqeqeshi we-Arrows uBheka Phakathi uthembisa ngokuthi iqembu lizolwela ukubuya kuPSL ngaphandle kokudlala kuma-play-offs.
I-Arrows iyiqale kahle isizini kuNational First Division ngemuva kweminyaka engu-14 idlala esigabeni esiphezulu, kubika iKickOff.com.
Leli qembu laseThekwini lilele indaweni yesihlanu kwilogi
ngamaphuzu angu-8 emidlalweni emihlanu ngemuva kokushaya iSantos ngo-1-0 eChatsworth
Stadium ngempelasonto edlule.
“ISantos iyiqembu eliqinile ikakhulukazi uma ihlasela, ngakho
sikujabulele kakhulu ukunqoba ngesikhathi sidlala nayo,” kusho uPhakathi.
Funda nalolu daba: UKhoza usebize umhlangano noVV.
“Okwamanje sisagculisekile ngendlela iqembu elidlala ngayo ngabadlali abasha, futhi asikaze singenelwe yigoli emidlalweni emihlanu esisayidlalile,” usho kanje.
I-Arrows izodlala neJomo Cosmos emdlalweni wayo olandelayo
ngoMgqibelo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.