Johannesburg - Ukaputeni wePlatinum Stars uVuyo Mere uthi ukuvikela iTelkom Knockout kuzokhombisa abathandi bebhola ukuthi leli qembu laseRustenburg aliyona into yokudlala.
IDikwena – ezobhekana neSuperSport United kusasa (ngoMgqibelo) e-Orlando Stadium emdlalweni wamanqamu – ifuna ukwenza okusenziwe yiKaizer Chiefs kuphela, ukuyinqoba kathathu le ndebe.
“Kuthina njengeqembu, ukunqoba iTelkom Knockout kuzodlulisa umyalezo oqinile kubalandeli,” kusho uMere kuKickOff.com.
Funda nalolu daba: Lizodlala neKaizer Chiefs elaseGerman.
“Ngesikhathi sinqoba le ndebe ngonyaka odlule, abantu babethi siyinqobe ngenhlanhla,” usho kanje.
Abaphathi bePlatinum Stars sebekhiphe amabhasi azothutha abalandeli abasuka eRustenburg beya e-Orlando Stadium mahhala.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.