Share

Sizobhukula kuze kube sekugcineni - Baxter

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ubhale ku-website yeqembu ngakuhlelayo njengoba kubhekwe ngasemaphathelweni esizini emidlalweni ye-Absa Premiership.

“Sekuyisikhathi sokuqoqa amaphuzu amathathu kuze kuphele isizini. Yonke imidlalo elandelayo izoba yinselelo. Kuzomele sidlule kuyo yonke imidlalo futhi sigxile kweye-Absa Premiership, Nedbank Cup nakweye-CAF Confed ezayo”, kusho uBaxter, kubika iSiya crew.

“Kumele sihlale sikulungele ukudlala ngaso sonke isikhathi futhi senze kahle."

UBaxter uphinde wakhuluma nangokulimala kwabadlali bakhe ngaphambi komdlalo wabo nePolokwane City kowe-PSL ongoLwesithathu ebusuku.

“Njengoba imidlalo isondelene, akulula ukugwema ukulimala. UMoleko nakanjani ngeke adlale kulo mdlalo. Sizoqhubeka nokuhlola uMusona nabanye abadlali.  Kuzomele sikulungele ukuwina," kuqhuba umqeqeshi.

“Iqembu iPolokwane City lidlala kahle kakhulu ikakhulukazi njengoba lilwela ukuvika izembe," kuphothula uBaxter.

La maqembu amabili azogadulisana ePeter Mokaba Stadium emdlalweni ozoqala ngo-19:30.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1024 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1088 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE