isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Sizobuya singasazwile - Baxter

2012-08-07 14:05
Johannesburg - Umqeqeshi uStuart Baxter usekhuthaze abadlali beKaizer Chiefs ukuba benze imizamo esheshayo yokuphendula amatafula kulandela ukuthelwa ngehlazo yiMamelodi Sundowns ngempelasonto, kubika iKickoff.com.

AmaKhosi abhaxatshulwe kabuhlungu ngo 4-1 yiSundowns koweMTN8, kanti kumele avuke azithintithe njengoba ezobhekana namaZulu koweligi kule mpelasonto eMoses Mabhida Stadium.

UBaxter uthembisa ngokuthi abafana bakhe bazokwenza kangcono eThekwini.

“Kujwayelekile ukuthi uma uhluliwe, emdlalweni olandelayo kube nguwe obuyisa izinduku," esho.

“Abadlali bafuna ukubuyisela isithunzi sabo njengoba bezobe belungisa amaphutha abo abadayise ngesikhathi bedlala neSundowns."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)