Johannebsurg - Umqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim Mashaba uyavuma ukuthi libhekene nomqansa iqembu lakhe kodwa unethemba lokuthi lizodlulela emzuliswaneni womkhumulajezi kwi-Africa Cup of Nations.
IBafana, ebambane ngegoli elilodwa neSenegal ngoLwesihlanu ebusuku, kudingeka inqobe kumnyama kubomvu uma isibhekene neGhana ngoLwesibili futhi ibeke ithemba layo ekutheni i-Algeria yehlulwe yiTeranga Lions ukuze ithole indawo emzuliswaneni olandelayo.
Funda nalolu daba: Ubesebona lufifi 'Tyson' - Mashaba.
Abafana baMashaba okwamanje balele emsileni kuGroup C ngephuzu elilodwa emidlalweni emibili.
UMashaba uthe: "Sisenalo ithuba, kodwa kumele sishaye amagoli amaningi nokuyinto ezobanzima ngoba amathuba siyawaveza, sehluleke ukuwasebenzisa, kodwa ke kuzobonakala khona," kubika iKickOff.com.
"Njengoba kusele umdlalo owodwa nje, sisazobamangaza abantu abaningi.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.