Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United uGordon Igesund usexwayise amanye amaqembu ngokuthi abagadli bakhe uJeremy Brockie noKingston Nkhatha basazowaqhulula amagoli kule sizini.
Umdlali waseNew Zealand nowaseZimbabwe baphinde bafaka amagoli futhi izolo ebusuku ngesikhathi aMatsatsantsa eshaya iPolokwane City ngo-4-1 koweNedbank Cup.
ISuperSport izodlala ne-Orlando Pirates emzuliswaneni olandelayo kulo mqhudelwano, kanti nomdlali wasemuva wePirates uzwakalise ukuthi akabasabi labadlali, kodwa u-Igesund ukholelwa ukuthi abagadli bakhe basazokwenza okukhulu.