U‘Gautrain’ uphothule isivumelwano sokuthi aye kuPlatinum Stars njengengxenye yesivumelwano esibone uTshepo Gumede noSiyabonga Mpontshane bejoyina amaBhakabhaka, kubika iKickOff.com.
"UTlou udlale ngokukhulu ukuzimisela kuleli qembu kusukela ajoyina esengumfana," kusho uKhoza.
OLUNYE UDABA: USukazi uphebeza izinsolo ngekusasa likaSegolela
“Kusukela esedlalela ibhola elikhokhelayo ngo-2007, waqhubeka nokumela iqembu ngokuzethemba. Ngimfisela okuhle kodwa njengoba esevula elinye ikhasi empilweni yakhe."
USegolela waqala imidlalo engu-85 wafaka amagoli angu-15 ekuPirates.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter