La maqembu aqhathwe koweTelkom Knockout, kanti lo kuzoba ngumdlalo wokuqala uDe Sa ebhekene naleli qembu alishiya ngoJanuwari.
Ebuzwa ukuthi ngabe usazizwa exhumene ngandlela thize naleli qembu laseSoweto, uDe Sa utshele iKickOff.com wathi: “Eqinisweni, akunjalo. Ngeke ngiphike ukuthi ngaba nesikhathi esimnandi kuPirates, kepha lokho sekufana nomlando.
OLUNYE UDABA: Uthole ikhaya uRoger De Sa
“Angizange ngixoshwe, ngazihambela ngokwami. USihlalo u-Irvin Khoza wayengiphethe kahle kakhulu.”
UDe Sa uyavuma ukuthi usayilandela imidlalo yePirates kanti futhi uhlezi njalo eyifisela impumelelo.
“Ngisayibheka imiphumela yabo, noma bedlala kowamanqamu ngisuke ngeseka bona,” esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter