Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uVladimir Vermezovic uveze ukuthi abadlali abanjengoLehlohonolo Majoro, Collins Mbesuma noKermit Erasmus bangadlala eyobungani kuphela okwamanje.
IPirates ishaye iMaritzburg United ngo 1-0 ngoLwesibili ebusuku ngegoli likaHelder Pelembe umdlalo usuya ngasemaphethelweni, kubika iKickOff.com.
Lo mdlali waseMozambique uvalele enethini ibhola alidluliselwe nguThamsanqa Gabuza, nonikezwe ithuba elingajwayelekile lokuthi aqale umdlalo.
Ebuzwa ngabadlali abaqavile ababonakale bekhuhla ibhentshi, uVermezovic uthe okwamanje udinga abadlali abakulungele ukudlala imidlalo emikhulu.
"Abanye babadlali abazange badlale isikhathi eside, njengoba manje sekunengcindezi kumele sihluze abadlali ngokucophelela. Sizodlalisa kuphela labo badlali abakulungele ukudlala," esho.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho