Share

U-VV ugxeke abadlali bedlala ngokulingana

Johannesburg- Umqeqeshi we-Orlando Pirates yVladmir Vermezovic usegxeke iqembu lakhe ngokudlala ngokulingana naMaZulu emdlalweni we-Absa Premiership.

Ngokubika kweSoccerLaduma u-VV ukhale ngokuthi bekuwusuku okungabahambelanga kahle enkundleni kulo mdlalo ophele ngo 1-1 ngoLwesithathu.

Kulo mdlalo amaBhakabhaka awadlalanga ibhola elisezingeni njengoba bavumele aMaZulu ukuba alibhakuzise kuqala inethi.

Lo mqeqeshi uthe usola ukuthi abadlali bakhe bebesakhathele ngemuva komdlalo wabo neBidvest Wits obengeSonto weMTN 8.

“Isiwombe sokuqala asidlalanga neze kahle, izinto ziqale ukuba ngcono ngesesibili lapho siqale nokuthola amathuba okukhahlelela ipali,” kusho u-VV. 

“Ngesiwombe sokuqala besidlalela emuva sibavumela beza kithina.

Angazi lokhu bekudalwa yini, mahlawumbe abadlali bajabule ngokweqile ngemuva komdlalo weWits.

Kube yinhlanhla ukuthi asiwalahlanga amaphuzu,” kubeka lo mqeqeshi enanela ngokuthi manje sekumele babheke umdlalo wabo wesibili neWits kwiMTN 8.

“Ukuhamba phambili ngamagoli amabili kuyingozi kakhulu, kumele siqaphele kungasikhukhumezi amahlombe,“ kusho u-VV.



 

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Now that e-tolls gantries have been switched off, will you be settling your outstanding debt?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No way, they're not getting a cent from me
88% - 1890 votes
Yes, I guess it's the right thing to do
4% - 79 votes
Mmh, I'm watching legal cases and playing it by ear
9% - 183 votes
Vote
Rand - Dollar
19.00
+0.1%
Rand - Pound
23.69
-0.1%
Rand - Euro
20.29
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.24
-0.0%
Rand - Yen
0.12
+0.0%
Platinum
947.90
-0.5%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,374.95
+0.6%
Silver
28.45
+0.8%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
66,899
0.0%
All Share
72,995
0.0%
Resource 10
63,378
0.0%
Industrial 25
97,824
0.0%
Financial 15
15,384
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE