Share

'UBalotelli ubekelwe umbandela wokuziphatha'

Liverpool - Kuthiwa iLiverpool ifake umbandela wokuziphatha kahle kwinkontileka kaMario Balotelli.

UBalotelli kubikwa ukuthi ufike eLiverpool izolo ezohlolwa isimo sempilo kanye nokuzosayina inkontileka yakhe ngemuva kokuba ama-Reds ne-AC Milan bevumelene ngo- £16 million ngalo mdlali.

Kodwa nakuba isivumelwane sesifinyelela ngasekusayinweni, lo mgadli odume ngokuziphatha kudlabha, utshelwe ukuba kumele avume ukusayina ukuthi uzoziphatha kahle kuleli qembu, kubike iGuardian.

Umgomo uzokwenza athole izijeziso ezinzima, esihlanganisa nokuhlawuliswa, uma eqhubeka nokuziphatha kabi.

IGuardian ibhale izigameko zakamuva ezenziwa yilo mdlali ezihlanganisa ukuphazamisa ozakwabo, ukuboshwa kanye nokufika sekudlule isikhathi ngesikhathi iqembu lizilolonga.

Le migomo ibekelwe ukugcina lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala eziphethe kahle njengoba edume kabi futhi neqembu like langena ezinkingeni ngoLuis Suarez.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 21 votes
Hardly - I prefer streaming online
67% - 670 votes
Sometimes - it depends on the film release
31% - 306 votes
Vote
Rand - Dollar
19.18
-0.9%
Rand - Pound
23.86
-0.7%
Rand - Euro
20.43
-0.7%
Rand - Aus dollar
12.32
-0.6%
Rand - Yen
0.12
-0.7%
Platinum
951.80
-0.1%
Palladium
1,031.50
-0.3%
Gold
2,380.82
+0.8%
Silver
28.26
+0.1%
Brent-ruolie
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE