Share

UBaxter udidekile ngonozinti koweMTN8

Johannesburg – Kuthiwa usaphithene ikhanda umqeqeshi weKaizer Chiefs ngokuthi asebenzise muphi unozinti phakathi kukaBrilliant Khuzwayo noReyaad Pierterse emdlalweni amanqamu weMTN8 eMoses Mabhida eThekwini.

Ngokubika kwe-KickOff uStuart Baxter kumele athateh isinqumo phakathi kwalabo nozinti njengoba u-Itumeleng Khune esalimele.

Nakuba Amakhosi enqobile ngeledlule ngesikhathi edlalise uKhuzwayo emdlalweni wawo namaTUKS kubikwa ukuthi abaqeqeshi abagculisekanga ngendlela lo nozinti adlale ngayo njengoba enze ne-penalty.

OLUNYE UDABA: Zindala zombili - Amakhosi neBhakabhaka

Kuvele ukuthi ukhombisa ukuthuka uma ebhekene nengcindezi nokumenza agcine enza namaphutha angalimaza iqembu.

Ngakolunye uhlangothi uPieterse nakuba emncane kodwa ukhombise okukhulu ukuzimesela ngesikhathi enikwe ithuba ngesizini edlule kanti futhi useke wabhekana naMakhosi lapho kunganalutho epalini lakhe.

“Bobabili labo nozinti bazilungiselele ngokwanele kulo mdlalo, Kumele uma sesithatha isinqumo lowo nozinti esizomqoka akulungele ukudlala,” kusho uBaxter enanela ngokuthi abakasithathi isinqumo ngonozinti ozoba semapalini ngoMgqibelo.

Uvumile ukuthi ukungabibikho kukaKhune kuhlale kunomehluko eqenjini njengoba engagcini nje ngokuba wumholi kodwa udlala indima ebalulekile uma iqembu lihlasela.


   -
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 899 votes
No! It's time to move on ...
33% - 436 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.2%
Rand - Pound
23.51
+1.2%
Rand - Euro
20.14
+1.3%
Rand - Aus dollar
12.30
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+1.9%
Platinum
923.00
-0.3%
Palladium
969.50
-2.1%
Gold
2,342.30
+0.4%
Silver
27.53
+0.4%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,450
+1.5%
All Share
75,421
+1.5%
Resource 10
63,110
+1.6%
Industrial 25
103,850
+1.3%
Financial 15
16,077
+1.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE