Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ugxeke isimo senkudla iBotswana National Stadium eGaborone, wathi alidlaleki ibhola kahle kule nkundla.
Kodwa, ngemuva kokuba iKaizer Chiefs ishaye ngo-1-0 iTownship Rollers ekuhambeni emlenzeni wesibili koweCAF Champions League, lo mqeqeshi uyavuma ukuthi iChiefs kwakumele yenze kangcono ekhaya emlenzeni wokuqala.
Funda nalolu daba: Sisangayifica iChiefs - Matlaba.