Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi uncome uKingston Nkhatha kanye nokuziphatha kwabalandeli beqembu lakhe ngesikhathi beshaya iFree State Stars ngo-2-1 ePeter Mokaba Stadium, kubika iKickOff.com.
UNkhatha wahhahhabezwa abalandeli beqembu lakhe ngesikhathi beshaya iChippa United ngo-1-0 ngempelasonto.
Kodwa, lo mdlali waseZimbabwe ushayelwe ihlombe ngokushaya igoli lokuqala leChiefs nangokuphasela uSiyabonga Nkosi, ovalele elesibili, nokwenze waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
Funda nalolu daba: Isililo ngokudlula emhlabeni kukaHenyekane.
“Umdlalo wethu neFree State Stars ubuyinkinga ngenxa yabalandeli abathile abangamfuni uKingston Nkhatha,” kusho uBaxter ku-website yeqembu.
Lo mqeqeshi uqhube wathi: “UKingston udlale kahle kakhulu. Kanjalo nabalandeli baziphathe kahle. Ngisho nangesikhathi uKingston ehluleka ukusebenzisa ithuba lokuqala, abalandeli bakhombise ukumeseka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.