Johannesburg – Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter utshele abadlali beqembu lakhe ukuthi bangaqale bakujabulele ukunqoba isicoco se-Absa Premiership futhi baqhubeke nokuzimisela kuze kube sekugcineni.
Abadlali beChiefs abakwazanga ukujabulela ukwehlula iPolokwane City ngo 4-1 ngoLwesithathu njengoba umqeqeshi uBaxter ebanxusa ukuba behlise futhi baqhubeke nokugxila emidlalweni yabo.
OLUNYE UDABA: Kusekuningi esisazokudlalela - Modise
“Kubalulekile ukuthi abadlali bazi ukuthi isizini ayikapheli kuze kube sidlala umdlalo wokugcina.
"Ngakho ukujabula kuyeza kodwa kusamele badlale imidlalo ebalulekile ngaphambi kokuthi kuphele isizini,” esho.
Kulindeleke ukuthi ngesonto elizayo iChiefs ibhekane neMamelodi Sundowns emdlalweni weligi kanti ngemuva kwalokho isazodlala neminye imidlalo okubalwa kuyo iBidvest Wits neChippa United.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho