Share

UBobby usahlalele ethembeni ngoKhune

Johannesburg - Imemenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung uthi usahlalele ethembeni lokuthi unozinti wabo u-Itumeleng Khune uzosayina inkontileka entsha neqembu lingakapheli leli sonto.

Lo nozinti inkontileka yakhe neChiefs iphela ngoJuni kanti njengoba iMamelodi Sundowns ingakufihli ukuthi imgaqele lo mdlali, uMotaung uthe kubalulekile ukuthi baphothule isivumelwano kungekudala.

"Izingxoxo zihamba kahle kakhulu noKhune kanti nababhekelele umsebenzi wakhe bayazi ukuthi sisamdinga,” kusho uMotaung ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Ngeke sidlale uKhune – Motaung

"UKhune unendawo ebalulekile eqenjini ngakho kuhle ukuthi sibonisane. Sizozama ukuthi sifinyelele esivumelwaneni kulezi zinsuku ezimbalwa ezizayo. Ngeke simfakele ingcindezi ngoba uyakwazi esikufunayo njengeqembu.”

UMotaung uthe nokho-ke lokho akusho ukuthi sebezokhiphela lo mdlali izizumbulu ngoba iqembu linemigomo ethile.

"Abadlali bethu bayayazi imigomo yethu kanti noKhune, obelokhu ethembeke njalo, uyazi ukuthi usho lukhulu ezikhulwini zeChiefs."

Ukubandakanywa kukaKhune esikwatini esizodlala koweCaf Champions League kuyizinkomba zokuthi ikusasa lakhe liseNaturena, kusho uMotaung.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 708 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 749 votes
Vote
Rand - Dollar
19.14
-0.1%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.45
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
926.50
+0.7%
Palladium
1,029.00
+0.3%
Gold
2,323.26
+0.1%
Silver
27.34
+0.1%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,678
+0.9%
All Share
74,638
+0.9%
Resource 10
60,244
+1.1%
Industrial 25
103,939
+1.1%
Financial 15
15,967
+0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE