Johanneburg – Ikaizer Chiefs isikuqinisekisile ukuthi inkakha kanozinti uBrian Baloyi ukhuza ibuya kuleli qembu laseNaturena ngokusho kombiko.
Phambili iSiya Crew yabika ukuthi u”Spiderman” angase akhuze ibuya kuleli qembu aqala ukulidlalela eseyingane njengomqeqeshi wonozinti.
USihlalo waMakhosi uKaizer Motaung wamukele lo nozinti wathi:
“Siyamamukela futhi uBrian futhi eqenjini. Igama lakhe liphakanyiswe uReiner (Dinkelacker) osebenze kanzima ukwakha onozinti bethu okuhlanganisa naye uBaloyi.
UReiner usendleleni ephumayo eqenjini kanti uphakamise igama likaBaloyi njengalowo ongase athathe izintambo ngemuva kwakhe,” kusho uMotaung.
OLUNYE UDABA: Asisayingeni ekaKhune noMasango - Bobby
UBaloyi uzosebenza neqembu elikhulu ngokubambisana noReiner kanye namaqembu asemancane ngokubambisana noRory Minnaar.
UBaloyi owashiya iChiefs kungekuhle ngo-2004 wajoyina iMamelodi Sundowns akakwazanga ukufihla injabulo yakhe ngokubuyela kuleli qembu azakhela igama kulona.
“Ngiyajabula ukubuyela ekhaya. Le ndawo yilapho konke kwaqala khona kimina ebholeni likanobhutshuzwayo.
Ngiyabonga kakhulu eqenjini nakuSihlalo walo ngokunginika leli thuba lokusebenza kulona futhi,” kusho uBaloyi.
UBaloyi wadlala imidlalo engu-347 kuleli qembu phakathi kuka1993 no-2004.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho