UNdoro, osashaye amagoli ayisikhombisa kuze kubemanje, umataniswa namaqembu iSuperSport neMamelodi Sundowns njengoba lezi zinkunzi zasePitoli zizilungiselela isizini ezayo ka-2014/15.
Kodwa uJohnson uwachithile la mahlebezi: “Cha akunjalo. Asifune kumsayinisa. Lawa amahlebezi nje esengiwajwayele, ikakhulukazi njengoba nesizini ingakapheli."
Lo mqeqeshi weSuperSport, nokho utshele iKickOff.com ukuthi kunabadlali abafunayo kuPlatinum Stars.
Uthe aMatsatsantsa angase ashintshisane neStars ngomdlali oyedwa noma ababili.
Kukhulunywa lokhu nje, iSundowns kuvele ukuthi izimisele ngokuthatha umdlali weDikwena uLindokuhle Mbatha.
“Ubani ongabafuni abadlali bePlatinum Stars? Kunabadlali abasezingeni eliphezulu kuleliya qembu,” kusho uJohnson, owasayina u-Ennocent Mkabhela noThuso Phala.
“Kodwa okwamanje abekho abadlali bePlatinum Stars esesibahlonzile esingase sibathathe uma kuphela isizini," kuchaza uJohnson.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho