Manchester - Umdlali omusha osayiniswe ngezigidi yiManchester United, u-Angel di Maria, usedalule ukuthi kwakungesona isifiso sakhe sokuba ashiye iReal Madrid, uthi leli qembu laqamba amanga lathi ufuna ukuhamba, kubiek iKickOff.com.
“Siphelile isikhathi sami kuReal Madrid, kusho u-di Maria encwadini ayibhalele abalandeli beLos Blancos.
“Ngizizwa ngihloniphekile ukuba ngithole ithuba lokudlalela iReal Madrid,” usho kanje.
Lo mdlali uqhube wathi leli qembu limphoqile ukuba ahambe, laqamba amanga lathi usefuna ukushiya eBernabeu.
UDi
Maria, oshayele leli qembu laseSpain amagoli angu-36 emidlalweni engu-190,
ufisele leli qembu inhlanhla kukhona konke njengoba esethatha uhambo olusha.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.