Brasilia - Umqeqeshi omusha weBrazil, uDunga, usexwayise kanzima isihlabani esinguNeymar ngendlela asiziphatha ngayo uma singekho eqenjini, kubike iKickOff.com ngoLwesibili.
UDunga, ongene endaweni kaLuiz Felipe Scolari kwesokuqeqesha izinkunzi zaseSouth America, ukuqonda kahle ukubaluleka kukaNeymar eqenjini lesizwe, kodwa uxwayisa lo mdllali ngokuthi angaziboni ebaluleke ukwedlula bonke abadlali.
"UNeymar uhamba phambili kubalandeli kuleli lizwe,” kusho uDunda etshela iGlobo.
“Kodwa nakuba kunjalo asifuni ukuba iqembu lesizwe lidlalele uNeymar – sifuna uNeymar adlalele izwe,” kusho umqeqeshi.
Uqhube wathi iBrazil kuzomele yakhe indlela ezodlala ngayo ezovumela ukuba uNeymar enze umehluko obonakalayo.
UDunga uphinde wagxeka lo mdllali ngendlela alokhu eqhubeka ngayo nokuzikhangisa, wathi kumele agxile ebholeni, ayeke indaba yokufuna ukubukwa.
Umdlalo wokuqala kaDunga njengoba eseshaye ibuya kumaSelecao uzobe ebhekene neColombia kowobungani ngoSepthemba 5.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.