Cape Town - URowen Fernandez uyavuma ukuhti kube yisinqumo esihle ukuthi iKaizer Chiefs iphinde isayine unozinti weBafana Bafana, u-Itumeleng Khune.
Lo nozinti udlale indima enkulu ngesizini eyedlule ukusiza lezi zinkunzi saseSoweto ukuthi zinqobe izindondo ezimbili.
Nokho inkontileka yakhe ayizange ivuselelwe ngoJuni ngemuva kwemibiko ethi wafuna ukuhola izizumbulu.
OLUNYE UDABA: IBafana itshengise isibindi - Khune
ISport24 ibike ukuthi Amakhosi aqinisekise ukusayina lo mdlali ukuze abuyele eNaturena ngoLwesine.
"Ngicabanga ukuthi lesi sinqumo sizolisiza kakhulu iqembu kanjalo no-Itu. Ngiyajabula ukuthi kugcine kwenzeke ngale ndlela," kusho uFernandez etshela iSport24.
“Kimina bekubukeka sengathi iChefs iyayazi into ebiyenza, ngoba ibivele ingashodi ngonozinti. Kepha lesi sinqumo sizoqinisekisa ukuthi zonke izinhlaka zijabule."
UFernandez, owake wavimbela iChiefs, uthi ukholelwa ekutheni kuzoba yinto enhle kuBafana njengoba uKhune eseneqembu.