Ngokombiko we-safa.net, uFurman uveze ukuthi abadlali bayakwazi ukubaluleka kwalo mdlalo futhi abakhathazekile ngokuhlulwa kwangoMsombuluko.
“Sonke sake sayibuka imidlalo yeNdebe yoMhlaba neye-AFCON, ekumele sikwenze manje ukuthi sizibambe ziqine. Uma kwehla ukuzethemba kuzodala ukuthi sicabange ngomdlalo wokugcina,” kusho uFurman.
OLUNYE UDABA: Ngiyalivuma icala – Rantie
“Kubalulekile ukuthi sazi ukuthi lo mdlalo esizowudlala usho lukhulu kithina uma sifuna ukuhlala kulo mqhudelwano. Sikhulumile njengeqembu kanti sikulindele konke esizobhekana nakho.
“Wonke umuntu unengcindezi kulo mqhudelwano ngoba wonke umuntu ufuna ukunqoba. Okusihlalele thina ukuthi sidle umhlanganiso.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho