Uthe u-Igesund uzoza namava amakhulu kulo mdlalo, wathi kuhlezi kumnandi kepha kunzima ukudlala nalo mqeqeshi, kubika iSoccerLaduma.
"Badlala ngokukhulu ukuzimisela, nathi sineqembu elizimiselayo. Kuzoba ngumdlalo oconsisa amathe,” esho.
"Singathanda ukunqoba sidlulele emzuliswaneni olandelayo sibone ukuthi singagcinaphi.
OLUNYE UDABA: Belingelihle ibhola lethu - Hunt
"Njengomqeqeshi neqembu siyathanda nathi kube khona esikuphakamisayo. Kumele kungasiphindi okwasenza ngesizini eyedlule.
“Ngeke kube lula, kodwa sizodlala ngezikhwepha,” kusho lo mqeqeshi oqeqeshe iSuperSport United isikhathi eside.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho