Share

UJabu Mahlangu usewabeka ethala amakhokho

Johannesburg – Owayesihlabani seBafana  Bafana uJabu Mahlangu sekumenyezelwe ukuthi usethi khumu kulo mdlalo kanobhutshuzwayo. 

Ngokubika kwe-KickOff lezi zindaba ziqinisekiswe nayiqembu abeselidlalela uMahlangu iSuperSport United. 

UMahlangu obedume ngelikaJabu Pule ngezinsuku zakhe esadlala kwiKaizer Chiefs ubebalwa njengabanye babadlali abebe nekusasa eliqhakazile kulo mdlalo kodwa nganxa yokuziphatha kwakhe ngaphandle kwenkundla kugcine kungenzekanga lokho. 

OLUNYE UDABA: Kumele simeseke sonke uJabu - Johnson

Kuzokhumbuleka ukuthi ubengasenalo iqembu ngesikhathi uCavin Johnson obeqeqesha iSuperSport ngesizini edlule embuyisela enkundleni.

Uhlulekile wukubuyisa izinga lo mdlalo abedume ngalo ngaphansi kwalo mqeqeshi njengoba egcina engayidlalanga imidlalo eminingi nakuba bekunconywa ukuba khona kwakhe kuleli qembu.  

Kubikwa ukuthi usazoqhubeka nokuba yingxeny eyaleli qembu njengoba esenikezwe isikhundla sokuba yinxusa leSuperSport. 

Okhulumela leli qembu uDavid Skhosane ukuqinisekisile ukuthi uShuffle usewabeka ethala amakhokho. 

“UJabue ngeke esadlala kwiSuperSport kodwa usazuqhubeka nokuba yingxenye yeqembu,” kusho uSkhosane.

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 416 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 869 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE