isiZulu

UJele ufuna ukushaya ibuya ngeCarling Cup

2012-05-30 10:02
Johannesburg - Umdlali we-Orlando Pirates uHappy Jele uthe unethemba lokubuyela enkundleni uma ezakhe sezibhekene neKaizer Chiefs koweCarling Black Label Cup eFNB Stadium, kubika iKickOff.com.

UJele, nowalimala kabi edolweni ngoNovemba ngesikhathi bedlala neBidvest Wits, akaze adlale kusukela lapho, kodwa amaBhakabhaka ayethemba ukuthi uzobonakala enkundleni njengoba abathandi beqembu bemthwele ngeqoma.
 
Kodwa yize ozakwabo bezobe beseholidini njengoba iphelile isizini, uJele uzobe ezilolonga ukuqinisekisa ukuthi usefomini uma sekuqala isizini.
 
"Engingakusho mayelana nokulimala kwami ukuthi izinto zibukeka zithembisa," esho.

"Nginethemba lokuba sesimweni ngesikhathi seCarling Cup."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)