Cape Town - Umqeqehi SuperSport United uCavin Johnson unethemba lokuthi uJabu Mahlangu uzodlala iqhaza elikhulu eqenjini kulesizini, kubike iKickOff.com ngoLwesibili.
Lo mdlali owaduma ku-Kaizer Chiefs uqale umdlalo owodwa kuphela ngesizini edlule wangena kabili ngesiwombe sesibili, njengoba ajoyina leli qembu phakathi nesizini.
UJohnson ukholelwa ukuthi njengoba lo mdlali kuzoqala isizini ekuleli qembu, uzozibonakalisa aphinde awasize kakhulu aMatsatsantsa.
“Ngonyaka odlule akazange azilungisele ukuqala kwesizini nathi, kodwa kulokhu izinto zishintshile,” kusho lo mqeqeshi etshela iKickOff.com.
“Sijabule kakhulu ngoJabu, indlela enza ngayo enkundleni noma futhi engekho eqenjini."
“Sibheke ukuba adlale okungenani imidlalo embalwa kule sizini,” usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.