Johannesburg - Unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uyavuma ukuthi kuzodingeka athethe isinqumo esinzima uma engafinyeleli esivumelwaneni neqembu lakhe.
Izingxoxo phakathi kwemenenja kaKhune neChiefs ziyaqhubeka nakuba lishona ilanga, kanti neMamelodi Sundowns ibheke ngabomvu ukuthi kwenzakalani.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala uthi yena uzimisele ngokuyodlala phesheya kwezilwandle – iChiefs iyona esemqondweni wakhe uma lokho kungenzeki – kodwa uthi kokubili lokho uma kungaphumeleli, kuzomele abheke elinye iqembu elidlala kuPSL.