Johannesburg - Unozinti weKaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo ngeke abe yingxenye yomdlalo weCarling Black Label Cup abazowudlala ne-Orlando Pirates kulandela ukuphuka iminwe emibili.
UReyaad Pieterse nguye ozoma epalini kulo mdlalo ozobanjelwa e-FNB Stadium ngoMgqibelo.
OLUNYE UDABA: UKhuzwayo uthi baningi abazovaleka isipepe
IChiefs ibhale kuTwitter: "UBrilliant Khuzwayo uphuke iminwe emibili ngesikhathi iqembu lizilolonga, okusho ukuthi ngeke asadlala kowe-CBL Cup nakweminye imidlalo elandelayo."
Amakhosi azogadulisana nePirates ngo-15h00, kubika iKickOff.com.
IChiefs, esanda kusayina unozinti u-Itumeleng Khune futhi, izoqala ukuvikela ese-MTN8 ngomdlalo wayo neMaritzburg United eSoccer City ngoLwesithathu.