"Bengingazitsheli nje ukuthi singanqoba ngale ndlela. Bengingabheja u-R100 000 ukuthi ngeke sifake amagoli amangaka,” kusho uKomphela.
IMaritzburg iqede umgqigqo omuhle waMatsatsantsa asengaphansi komqeqeshi uGordon Igesund.
OLUNYE UDABA: Sidlalile bawina -Steve Komphela
UKomphela uthe iqembu lakhe libe nenhlanhla yokungahlinzelwa ezibini ngesiwombe sokuqala, wathi nokho kubasizile ukuba bukhali ngasepalini.
"Sikwazile ukudlala ngokuzimisela yize bekucaca ukuthi i-United ibingagayelwe mphako ngesikhathi umdlalo uqala,” esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter