isiZulu Ama site/IZINHLELO >

UKomphela uthi uyameseka u-Igesund

2012-07-06 12:08
Johannesburg - USteve Komphela usezwakalise ukumeseka ngokugcwele umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund waphinde wagcizelela ukuthi akayilaxazanga iSAFA, kubika iSowetan.

UKomphela uthe isizathu ukuthi iqembu lakhe, iFree State Stars, lidinga ukuzibophezela.

UKomphela, ohlulwe ngu-Igesund embangweni wesokuqeqesha iBafana bekulindeleke ukuba angene esikhundleni sikaSerame Letsoaka sokuba  yiTechnical Director yeSAFA, njengoba yena ephelelwe yinkontileka ngenyanga edlule.

UKomphela uchithe ingxenye yokugcina yesizini engumsizi kaPitso Mosimane, osesusiwe kwesokuqeqesha iBafana.

Ubelokhu esayibambile naseqenjini lakhe iStars ngesikhathi esiza uMosimane, kodwa ngemuva kokuxoshwa kukaMosimane, kwakubonakala sengathi uyena ozothatha abe ngumqeqeshi weqembu lesizwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)