Johannesburg - USteve Komphela usegcizelele elokuthi uyawazi umsebenzi obhekene naye njengomqeqeshi weKaizer Chiefs.
Ngemuva kokucija amadlali bakhe ngaphambi kokuqala kwesizini, uKomphela kuzomele aqale koweCarling Black Label Cup ukwenza lokhu akhuluma ngakho.
Funda nalolu daba: UsengoweBhakabhaka ngokugcwele owaseGhana
“Leli qembu lenze kahle kakhulu ngesizini ephelile futhi lokhu kuyohlale kusemlandweni weqembu,” kusho lo mqeqeshi, kubika iKickOff.com.
“Isikhathi esandulela ukuqala kwesizini nakanjani kusivezela ukuthi simi kuphi, kodwa asikawuqedi umsebenzi, sisakha.”