Share

UMahamutsa ubengakulungele ukubhekana neDonws - VV

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uVladimir Vermezovic ukubone kukuhle ukuthi umdlali wasemuva uRooi Mahamutsa ahlale ebhentshini ngenxa yokuthi ubengakulungeke ukubhekana neMamelodi Sundowns kowe-Absa Premiership, kubike iKickOff.com.

UMahamutsa uhlaliswe ebhentshini kwaqala u-Ayanda Gcaba endaweni yakhe, obesizana noSiyabonga Sangweni maphakathi nodonga lwasemuva lwePirates eLoftus Versfeld Stadium ngoLwesithathu ebusuku.  

Lo mdlali owayedlalela iWitbank Spurs wadala amaphenathi amabili emidlalweni eyandulele owezakhe namaBrazilians.

"Akujwayelekile futhi kuyathusa ukuthi umuntu oyedwa angadala amaphenathi amabili imidlalo ilandelana, ngakho ngibone ukuthi umqondo wakhe ubungakulungele ukuba adlale emdlalweni onjengoweSundowns,” kusho uVV.

“Yileso sizathu esenze ngambeka ngaphandle ngafaka u-Ayanda endaweni yakhe, akalimele," kuchaza uVermezovic.

"Ngicabanga ukuthi u-Ayanda udlale kahle kakhulu. Kunzima ukuvimba uMame Niang ngoba mude futhi lo mdlali uyingozi ngoba uyalazi ibhola,” kuqhuba umqeqeshi weBhakabhaka. 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 573 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 816 votes
Vote
Rand - Dollar
18.89
+0.3%
Rand - Pound
23.87
+0.1%
Rand - Euro
20.39
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE