UMajoro uhlangane neqembu ngoLwesithathu ngemuva kokuba uRodgers ededeliwe eqenjini lesizwe ukuba ayoba yingxeye yeqembu lakhe iSantos elisazodlala kweyomkhumulajezi yeNational First Division.
UMajoro uzohlangana nabadlali abafana noSiyabonga Nomvethe ukuzoqinisa phambili njengoba belungiselela imidlalo yokuhlungelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2014 abazoyidlala ne-Ethiopia neBotswana ngoJuni.
UNomvethe, 34, uthe ukuthokozole ukuthi usezodlala ezingeni lomhlaba futhi , ngemuva kokungadlali iminyaka emibili.
“Nginethemba futhi sizophumelela,” kusho uNomvethe uthe, “ Akumele sidikibale. Sinabo abadlali futhi abasebancane ngakho sizophumelela, ukufaka amagoli. Iqembu lizokwenza okuncomekayo.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho