Johannesburg - Umgadli weKaizer Chiefs uLehlohonolo Majoro
usejoyine iBafana Bafana eRustenburg, ungene esikhaleni sika-Eleazar Rodgers.
UMajoro uhlangane neqembu
ngoLwesithathu ngemuva kokuba uRodgers ededeliwe eqenjini lesizwe ukuba ayoba
yingxeye yeqembu lakhe iSantos elisazodlala kweyomkhumulajezi yeNational First
Division.
UMajoro uzohlangana nabadlali abafana
noSiyabonga Nomvethe ukuzoqinisa phambili njengoba belungiselela imidlalo
yokuhlungelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2014 abazoyidlala ne-Ethiopia
neBotswana ngoJuni.
UNomvethe, 34, uthe ukuthokozole ukuthi
usezodlala ezingeni lomhlaba futhi , ngemuva kokungadlali iminyaka emibili.
“Nginethemba futhi sizophumelela,” kusho
uNomvethe uthe, “ Akumele sidikibale. Sinabo abadlali futhi abasebancane ngakho
sizophumelela, ukufaka amagoli. Iqembu lizokwenza okuncomekayo.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA