Johannesburg - IMoroka Swallows isizoba ngaphansi kwesandla somqeqeshi uZeca Marques kulandela ukuthi uGordon Igesund eqokelwe kweseBafana Bafana, kubika
iKickOff.com.
“Ngiqokwe ngokusemthethweni njengozohola iSwallows kule sizini ezosombuluka," kusho uMarques etshela le website.
“Kuyinselelo engiyibheke ngabomvu futhi ngiyazethemba ekutheni ngingakwazi ukuzuza okuthile naleli qembu ngoba abadlali sinabo," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
News24