Johannesburg - Iqembu laseSweden, iLandskrona, belicabanga ukuthenga umdlali weKaizer Cheifs, uMandla Masango, kodwa imibiko yakamuza ithi lokhu kubukeka kungeke kusenzeka, kubike iSoccerladuma ngoLwesihlanu.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala, ubesandakufakwa ohlwini lwabadlali abangase bachithwe, ngenxa yokuthi izinga lakhe selehlile eNaturena uma kuqhathaniswa nabanye abadlali, kodwa okwamanje awekho amaqembu osekubikwe ukuthi ayamshela.
UMasango wanqaba ukuya kwiMpumalanga Black Aces ngesizini edlule, kanti futhi uma namanje lingekho iqembu elimfunayo, lokho kungase kusho ukuthi usazohlala ezinye izinyanga eziyisithupha engadlali.
ISiya crew ibikelwe ukuthi iLandskrona, edlala esigabeni seSwedish Superettan, yaxoxisana noStuart Baxter ngoMasango, njengoba lo mqeqeshi wake wachitha iminyaka eminingi esebenza eSweden.
Ngenxa yesikhathi esincane esisele ngaphambi kokuqala kwesizini, asebukeka emancane amathuba okuthi lo mdlali angazama ukuthola iVisa yokusebenza eSweden.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).