Cape Town - Umdlali weKaizer Chiefs, uMandla Masango, uthi ujabule kakhulu ngokubizwa kuBafana Bafana, futhi uyazi ukuthi ngeke kube lula uma sebebhekene neSudan.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala, usedlalele amaqembu esizwe kusukele kwelabangaphansi kweminyaka engu-17, futhi kuzona zonke izikwati wakwazi ukushaya igoli ngomdlalo wakhe wokuqala, kubike iSoccerladuma.
Lo mdlali useshayele iqembu lakhe amagoli amahlanu kusukela kuqale isizini entsha.
Manje, njengoba esejoyine iqembu likaShakes Mashaba, kulindeleke adlale kowangoLwesihlanu wokuhlungela eye-African Cup of Nations neSudan.
Ekhuluma ku-webisite yeChiefs, uMasango uthe: "Ngizizwa ngijabule futhi ngihloniphekile ngokumela izwe lami...Sesilangangazelele umdlalo. Sizolwa ngakho konke esinakho, siyazi ukuthi ngeke kube lula.”
IBafana izobhekana neSudan ngoLwesihlanu, Septhemba 5, ngaphambi kokuba ibhekane neNigeria ngoLwesithathu, Septhemba 10.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).