Johannesburg - Inhlangano yebhola kuleli ,iSAFA, isikuqinisekisile ukuthi uShake Mashaba uzomemezela ngoLwesibili isikwati seBafana Bafana esizodlala kowe-African Cup of Nations.
UMashaba bekulindele ukuba amemezele iqembu elizodlala neSudan neNigeria ngoLwesine, kodwa kwahlehliswa ngemuva kwezindaba zokudlula emhlabeni kukaSenzo Meyiwa, kubika iSoccerladuma.
IBafana kumanje isethubeni lokuthola indawo kumqhudelwano omkhulukazi okokuqala ngemuva kweminyaka eminingi, kodwa uMashaba uyazi ukuthi iqembu lakhe lidinga amaphuzu amabili emidlalweni emibili ukuze lithole indawo.
Funda nalolu daba: IPirates ihlehlise omunye umdlalo wayo.
IBafana ikuqinisekisile kuTwitter ukuthi umqeqeshi uMashaba uzolimemezela eSAFA House ngoLwesibili iqembu lakhe elizodlala neSudan eMoses Mabhida ngoNovbemva 15.”
Izindaba ezinkulu kuzoba ngezokuthi uMashaba uzobiza bani ozovala indawo kaMeyiwa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.