Johannesburg – Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba uphinde waphawula
ngesikhandla sobukaputeni eqenjini lakhe ngaphambi komdlalo waleli qembu
Nigeria wokuhlunga we-2015 Afrika Cup of Nations.
Ngokibika kweSoccer Laduma uMashaba uphinde
wakucacisa ukuthi lesi sikhundla ngeke sigcinwe ngumuntu oyedwa kodwa
sizodluliswe kubadlali abahlukene kuya ngomdlalo wangaleso sikhathi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMgqibelo ngesikhathi
iBafana ibhekene neSudan lesi sikhundla sasigixabezwe uDean Furman.
“Asikholelwa
ekutheni isikhundla sobukaputeni kumele kube yisikhundla somuntu oyedwa ngoba
inhloso yethu ukwakha abaholi eqenjini.
Uma unikeza umuntu oyedwa lesi sikhundla
abanye bangazibona bengasebenzi ngokweqile enkundleni.
OLUNYE UDABA: UMashaba enkingeni yozovala esikaMeyiwa
Ngokwezinhlelo zethu
sihlela ukuthi sishintshe ukaputeni kuyoyonke imidlalo yethu,” kuphawula
uMashaba.
“Sifuna kube yiqembu
elinabaholi abahlukene ukuze noma umdlali enganikwanga isikhundla ngalolo suku
kodwa akwazi okulindeleke kuyena njengomdlali osenkundleni,” enanela.
IBafana
izobhekana namaSuper Eagles e-Uyo ngoLwesithathu kanti lo mdlalo kulindeleke
ukuba uqale ngelesikhombisa kusihlwa.
UMashaba akacacisanga ukuthi uFurman
usazoqhubeka nokuhola leli qembu kulo mdlalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho