UMashaba ungene ezicathulweni zikaGordon Igesund.
Uthathe ithuba wagxibha labo abamgxekayo ngaphambi kokuthi iBafana ibhekise amabombo eSudan.
“Ngiyawathenga njalo amaphephandaba ekuseni, ngobani? Ngoba ngifuna ukuzwa labo abangigxekayo. Bayangiqinisa. Uma ungigxeka ucabanga ukuthi uyaqeda ngami, usuke uzimoshela isikhathi," kusho uMahsaba eGoli.
“Ngiyakuthatha ukugxekwa ngokusebenzise ngendlela ezoba nezithelo. Kwesinye isikhathi indlela esigxekwa ngayo isuke ingenasidingo ngoba isuke ihlasela isiqu sethu uqobo.
"Ngelinye ilanga ngiyozanga zonke lezo zintatheli ngizitshele ukuthi zangifukula zangenza ngakwazi ukubhekana nempilo ngesibindi."
Uthi laba abamgxekayo yilaba ababefuna kukhethwe umqeqeshi wangaphandle.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho