Johannesburg – Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba uthe ayingathathelwa phezulu indaba yokungafiki komdlali wasemuva kuKaizer Chiefs, uTsepo Masilela, ekhempini yeBafana.
UMasilela akakafiki enkanjini yeBafana ngaphambi komdlalo weqembu neMauritania kowokuhlungelwa owe-2017 Africa Cup of Nations, njengoba iqembu lakhe selithumele incwadi ku-SAFA liyazisa ngokuthi uMasilela ulimele edolweni.
OLUNYE UDABA: Useqalile ukuzilolonga futhi uMasilela
Udokotela weBafana uThulani Ngwenya ukuqinisekisile ukuthi bathole incwadi yalolu hlobo, wathi kodwa bagcizelele ekutheni uMasilela afike qathatha ukuze bezomhlola ngokwabo, kubika iKickOff.com.
Ukulimala kukaMasilela kuza ngemuva kokuthi edlale imizuzu engu-90 ngesikhathi aMakhosi edlala neBloemfontein Celtic kowe-MTN8 ngoMgqibelo.
Lo mdlali okwesibili engafiki ekhempini kaMashaba, njengoba nangoJanuwari wabizwa kepha wathi ulimele esithendeni.