Cape Town - Iqembu laseFree State, iBloemfontein Celtic, selidayiselwe uMax Tshabalala ngemuva kwezinyanga bewachitha amahlebezi, kubike iKickOff.com nngoMsombuluko.
UTshabalala, ongumnikazi weRoses United – okuyiqembu elidlala ku-ABC Motsepe League – gcine ekuqinisekisile ekhasini leRoses ku-Twitter ukuthi iSiwelele sekungesakhe nomndeni wakhe kusukela namhlanje.”
Lesi siqumama sakuqinisekisa phambilini ku-KickOff.com ukuthi sisezinhlelweni zokuthenga iCeltic.
Ngaleso sikhathi uTshabalala wathi: "kuzoshintsha abaphathi kodwa iqembu ngeke lishintshwe, okusho ukuthi leli qembu lisazoqhubeka nokuhlala eBloemfontein.
UTshabalala ubengakatholakali ukuba aphawule kanjalo nezikhulu zeCeltic.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.