UMeyiwa uthathe izintambo kuSiyabonga Sangweni, obekunguye obebambe lesi sikhundla njengoba uLekgwathi ebengekho, kubika iKickOff.com.
UMeyiwa, onikezwe lo msebenzi kuBafana Bafana njengoba isemgqigqweni wokuhlungelwa eye-Africa Cup of Nations, uqale ukuhola iqembu ngesikhathi ezakhe zidlala neFree State Stars, e-Orlando Stadium.
OLUNYE UDABA: Ngabe uKhune noma uMeyiwa?
"Sibone kukuhle ukuthi simnikeze lesi sikhundla uSenzo ngokuvumelana noSangweni,” kusho uVermezovic.
“Ngicabanga ukuthi ungumuntu ozimiselayo, uyimbewu ye-Orlando Pirates. Simfanele kakhulu lesi sikhundla ngoba usuka kude neqembu.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter