Pretoria- Umdlali wasesiwini uMichael Morton usezwakalise ukuthi usekubheke ngabomvu ukuba kuqale isizini abonakale eqenjini leSuperSport United kowe-MTN8, kubike iKickOff.com ngoLwesine.
"Ngibenesikhathi esihle sokuzilungiselela isizini entsha, futhi ngiyajabula ngoba manje isiyaqala isizini. Sengilangazelele ukudlala," kusho uMorton.
Lo mdlali uphinde wazwakalisa ukujabula okukhulu ngokudlala ngaphansi kukaCavin Johnson.
"Ngifice nabadlali abasezingeni eliphezulu lapha. Umqeqeshi naye ungumuntu ohlale efuna kudlalwe ibhola elihle," kuqhuba lo mdlali.
Lo mdlali uthi umqhudelwano we-MTN8 kulula ukuwunqoba ngoba mfishane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.