Johannesbueg - UTeko Modise uthi ulindele umdlalo onzima phakathi kweqembu lakhe elidala i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs koweMTN8 ngoMgqibelo, kodwa uthi iBhabhakabha lizodlula.
Lesi sihlabani seMamelodi Sundowns, esake sadalula ukuthi sikhule singumlandeli weChiefs, sikholelwa ukuthi iPirates izosetshenzelwa ukuthi inesipiliyoni esiningi sokudlala kweyamanqamu, kubike iKickOff.com.
“Ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo onzima impela futhi kunzima ukuqagula ozonqoba. Womabili amaqembu adlala kahle. Ngicabanga ukuthi iqembu elikulangazelele kakhulu ukunqoba yilona elizodlula. Ngihamba nePirates kulo mdlalo,” esho ehleka ku-tekomodise.co.za.
Funda olunye udaba: Asikhathazekile ngoMajoro - Chiefs.
“Ngicabanga ukuthi iPirates inamava okudlala kweyamanqamu. Yadlala imidlalo eminingi yamanqamu ngesizini edlule,” usho kanje.
Khonamanjalo, uModise uvumile ukuthi udumele ngokungabikho kwamaBrazilians kowamanqamu, kodwa wathi iSundowns uzowubuka lo mdlalo ukuze izilungiselele imidlalo ezalandelayo uma sebebhekene nalezi zinkunzi zaseSoweto.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.