Johannesburg - UPitso Mosimane maningi amahlebezi okuthi weshela unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune kanti kuthiwa lokhu ukwenza ngoba ufuna abadlali akewasebenzisana nabo kuBafana Bafana beze kwiMamelodi Sundowns.
Nakuba amahlebzi elokhu eqhubeke kanjalo, iSundowns ayifuni ukukhuluma ngalolu daba, kodwa ngokusho komthombo ongaphakathi, uPitso uyamfuna lo mdlali.“Iqiniso ukuthi uPitso ufuna abadlali ayebaqeqesha kuBafana bazodlala kuSundowns, yingakho ebathanda abadlali abanjengoKhune,” kusho umthombo kwabeKickOff.com.
Funda nalolu daba: I-FS Stars igaqele inkakha yeSwallows
“Akungabazeki okwamanje ukuthi lolu daba lukhulunyelwa phansi eChloorkop futhi bonke abantu batshelwe ukuba bangaluthi vu kuze kube luyaphothulwa.”
“Kodwa iqembu lifuna uKhune ngoba liyazi ukuthi uzobe esengenalo iqembu [
ekupheleni kukaJuni] ngakho asengakhuluma nanoma yiliphi iqembu elithandayo.”
Umthombo uphinde waqinisekisa ukuthi: “NoGeorge
[Lebese] futhi. Iqembu liyamfuna, likwenza lokhu buthule ngoba umqeqeshi
uyamthanda naye.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.