Johannesburg - Kubukeka sengathi abalandeli beKaizer Chiefs bangase babone uKnowledge Musona ngoJanuwari ngemuva kokuba umthombo udalule ukuthi uBobby Motaung uxhumane nalo mgadli weHoffenheim eGerman.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala izinto azimhambeli kahle okwamanje nakuba eseluleme ngokugcwele, njengoba engakaze adlale ngisho umzuzu owodwa selokhu kuqale isizini.
Manje
njengoba sekusondele uJanuwari wokuthengwa kwabadlali, iChiefs izimisele
ngokunikeza lo mdlali ithuba lokubuyela kuPSL.
Funda nalolu daba: Asizange siliphose ithawula - OweBucs.
Umthombo utshele iSoccerLaduma ukuthi, “iChiefs isike yaxoxisana noMusona futhi bavumelana ngokuthi uma engalitholi iqembu e-Europe ngoJanuwari, kumele abuyele kwiChiefs.
“Ngeke kube lula kuyena njengoba iqembu lakhe lifuna aqhubeke nokudlala e-Europe, kodwa ukungadlali yikhona ukwenza afune ukubuya kuChiefs.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).