Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Augusto Palacios uthembise ngokuqhubeka negiya abehamba ngalo nelibone iqembu liba ngoshampeni bePSL kule sizini, kubika i
KickOff.com.UPalacios uqokwe njengomqeqeshi waleli qembu ngokugcwele emuva kokulisiza ukuba livikele isicoco.
“Ngijabule kakhulu ngalokhu kuqokwa," kusho uPalacios.
"Ukuthola ukwethenjwa ngusihlalo nje kukodwa, ekutheni ngingakwazi ukuqeqesha iqembu elifana ne-Orlando Pirates, kusho lukhulu kimi."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
News24