Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Augusto Palacios ukhala ngokuhlulela kwabo ukushaya amagoli ngesikhathi kuqhubeka umdlalo weMTN8 ngempelasonto, kubika
iKickOff.com.IPirates isakwaze ukufaka amagoli amathathu emidlalweni emithathu kule sizini.
Iphinde yahluleka ukufaka ngisho elokubika leli, ngesikhathi idlala koweMTN8 neSuperSport United emdlalweni obuseMokaba Stadium ngeSonto ophele bedlale ngokulingana ngo 0-0.
UPalacios unethemba lokuthi iqembu lakhe maduzane nje lizowavalela amagoli.
“Besiwuphethe wonke umdlalo ngeSonto, iSuperSport yona ibithembele ekutheni ihlale emuva bese ihlasela ngokushesha uma sisaphambili. Sakhe amathuba amaningi kodwa uMatlaba, Mbuyane noBenni bahluleka ukuwavalela phakathi,” kusho uNjenje.
"Ngicabanga ukuthi silinyazwa ukushweba. Ebholeni uma ungakwazi ukuvalela amagoli nakanjani ngeke uwine. Lo mqeqeshi uthe basalinde ukuthola incwadi yemvume yokusebenza kukaChinyama kuleli.
Lo mdlali ongowaseZimbabwe wasayina kweziMnyama ngenyanga edlule.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
News24